
Abafundi Bezomthetho Bamele i-UKZN Kwingosi yokuxhumana ngobuchwepheshe YesiShayamthetho
Click here for English version
UNks Siwaphiwe Mathenjwa, uMnu Nkululeko Shabalala noNks Sithembiso Khumalo babambe iqhaza kwingosi yokuxhumana ngobuchwepheshe yeSishayamthetho i-Virtual Model Legislature Session se-South African Institute of International Affairs.
Lolu chungechunge, obelunazo zonke izifundazwe zezwe, luyingxenye yomkhankaso wokukhuthaza intsha ukuthi ibuke umthelela we-COVID-19 ezifundazweni zayo neNingizimu Afrika nokuthi ingawuseka kanjani umsebenzi wezishayamthetho zezifundazwe zayo.
Inika abantu abasha ithuba lokuzibandakanya kwinkulumompikiswano nezingxoxo ngenkathi beveza imibono yabantu abasha basemiphakathini yabo nokuthi basebenzisane ukuqhamuka nesu lentsha uma isidlulile i-COVID-19. Ababambe iqhaza bethula izethulo zabo ukuze zidluliselwe kwisishayamthetho.
UMathenjwa, ongukaputeni wethimba, uthe ngenxa yaloko abazibonele khona ngamehlo, banquma ukugxila kumthelela we-COVID-19 emkhakheni wezemfundo.
‘Mina nethimba sibheke izinselelo zezemfundo kubafundi abanokukhubazeka ababhekene nazo. Kunokuphatheka kabi nokwesaba ukuthi abafundi bazophuthelwa ekutholeni amakhono okufunda amqoka njengoba abazali babo bengaqeqeshiwe ukufundisa emakhaya futhi bengenazo izinsiza ezidingekayo lezo izikole ezinazo zokubafundisa,’ kuchaza yena.
Ukulungiselela inkulumompikiswano, ithimba licwaninge, ladingida izinto ezilandelayo:
• Ukuthi ziyibona injani iKwaZulu-Natal neNingizimu Afrika emva kwe-COVID-19.
• Imithelela emibi nemihle ye-COVID-19 emiphakathini yesifundazwe nemvelo.
• Yini okufanele ibekwe eqhulwini ekubumbeni ikusasa likawonkewonke ngenkathi kuzanywa ukunciphisa ukubhebhetheka kwe-COVID-19?
• Isishayamthetho/iphalamende lesifundazwe kufanele libhekane kanjani nenkinga yesimo sezulu ngesikhathi nangemuva kobhubhane lwe-COVID-19?
• Ababambiqhaza (intsha, abaholi bomphakathi, izinhlangano ezingenzi nzuzo, amabhizinisi, abasebenzi bezempilo, abafundisayo)?
‘Enye into mayelana nomkhakha wezemfundo ukuthi isigamu sesibili esingasenzanga ngenxa yekhorona sivame ukusisebenzisela ukuhlolwa. Yingakho sinxusa uhulumeni ukuthi ungajahi ukwedlulisela abafundi ezingeni elilandelayo ngoba loko kuzokwandisa isibalo esikhundleni sezinga. Siyavuma ukuthi emva kobhubhane isifundazwe kuzofanele sibheke indaba yemfundo etholakala eziKhungweni zeMfundo ePhakeme ngoba izidingo zabantu emikhakheni izokwehla. Isibonelo nje, kumele sikhuthaze izinhlelo eziningi ngezempilo,’ kusho uMathenjwa.
Amagama: ngu-Thandiwe Jumo
Izithombe: Zithunyelwe